IThala lihlabeke umxhwele ngentuthuko ezinkampanini ezixhasile
BAGWEME ukuthola amachaphazela abe-Ithala Development Finance Corporation (IDFC) ngokuhlolisisa ukuthi izinkampanini abazixhasile azinabo abantu abangenawo amaphepha okusebenza eNingizimu Afrika.
Isematheni indaba yokuxoshwa kwabantu bokufika abakuleli bengenawo amaphepha njengoba iMarch and March seyinqumele abokufika ugwayi katiki ukuthi baphume baphele ngoJune 30.
Ithimba labe-IFDC lihambele Ezakheni Industrial Estate eLadysmith naseMadadeni Estate eNewcastle lapho beliyohlola ukuthi umsebenzi uqhubeka kanjani ezinkampanini abazixhasile.
USihlalo webhodi lakwa-IFDC uKhayelihle Mpungose uhlabeke umxhwele ngesikhathi evakashele eCharnaud efemini eyakha izingubo zokuzivikela, izinto zokuphepha nezokufaka uphawu (custom branding).
Le femu isineminyaka engu- 50 yabakhona kanti iqashe abantu bendawo abangu-400 iningi labo abasendaweni.
Ebuzwa abezindaba ukuthi ingabe angeke amanye amafemu aphazamiseke njengoba kuzokhishwa abantu bokufika abangenawo amaphepha aqondile, uDudu Mazibuko oyi Portfolio Manager e-IFDC oThukela uthe benze konke okusemandleni ukuthi yonke into iqondile ihamba ngolayini.
Uveze ukuthi babili kuphela abantu ababenzele izicelo zokuthi bengaxoshwa ngoba banesiphiwo sekhethelo.
Ithimba le-IFDC lidlulele efemini iPro Textile eqashe abasebenzi abangu-600 ebalwa nahamba phambili ezweni esebenza ngokudaya izindwangu, ukukhiqizwa kwezingubo, ukuphrinta nokuwasha.
Uhambo lwaseMnambithi naseNewcastle lulanywa obeluseMandeni kwaSithebe lapho kwafika kwabuya ithemba kubantu bendawo njengoba besekucatshangwa ukuthi leya ndawo enomlando omude izophela.
I-IFDC ineqhaza elikhulu ekuthuthukiseni ingqalasizinda yezimboni kulo lonke KwaZulu-Natal ikakhulukazi ezindaweni ezazidonsa kanzima ngokomlando ukuheha abatshalizimali.
Lezi zindawo zakhiwe ukuze zihehe abakhiqizi nabatshalizimali emadolobheni esifunda, ukunciphisa ukugxila komnotho ezindaweni ezinkulu zamadolobha.

