Ezemidlalo

UMgungundlovu usukulungele ukuhlonipha amaqhawe ngezindondo

KUZONXUSWA amaciko nabezemidlalo abadala ukuba basebenzise igama labo ukuthumela umlayezo wokulwisana nesihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane nokunqanda ukukhulelwa kwezingane.

Lokhu kuvezwe iMeya yaseMgungundlovu District uMzi Zuma ngesikhathi ethula ngokusemthethweni umcimbi obizwa nge-Legends Music Experience Awards obekelwe iCity Hall umhla ka-30 kule nyanga.

UZuma uthe kulo mcimbi baqoke ukuhlonipha iqhaza labantu abadabuka kulesi sifunda abazakhele igama kwezemidlalo nasemculweni.

IMeya ithe ukwenza kahle kwala bantu kuphakamise igama lesi funda kanti intsha kumele ibukele kubona njengoba beyisibani. 

“Ingakho sizobanxusa ukuthi basisize ekushumayeleni ivangeli lokulwa ne-SGBV nokukhulelwa kwezingane zethu ezisencane.”

Iqhuba iMeya ithe lo mcimbi bawubona uzoba nomthelela ekufukuleni umnotho ubuye uvukuze namanye amakhono emkhakheni wezokungcebeleka.

Ivale ngokukhumbuza izethameli ukuthi izithukuthuku zenkululeko zadalwa ukucula kwamaciko engakhawuli kanye nokubekezela kwabasuke beyibambe enkundleni. 

Wenze isibonelo ngeqembu lesizwe lamaBhokobhoko elagila izimanga lihlanganisa iNingizimu Afrika kunqotshwa iRugby World Cup ngo 1995.  

Abakwa-UMgungundlovu Economic Development Agency (Umeda) bakushayele ihlombe ukusungulwa kwalo mcimbi, bathi bakholwa ukuthi angeke ugcine ngokuqhakanjiswa kweqhaza kwamaciko kepha kuzonika ithuba abasafufusa lokuncela kogwansile ezinkakheni zamaciko.

Phakathi kwamaciko ekulindeleke ahlonishwe abuye anandise kunoThemba Mokoena wodumo lokuxebula isiginci, Nomalanga Hlubi umculi we-jazz, uMvuselelo Buthelezi oshaya i-gospel kanye nezinkakha zebhola oMbulelo “OJ” Mabizela, Andile Cele abadlala kwi-Orlando Pirates nakwiBafana Bafana noSandile “AK 47” Ndlovu owaduma kwiMamelodi Sundowns.