Libuyela enkantolo icala lowayeyimeya yeTheku
LIBUYELA eNkantolo eNkulu yaseThekwini ngoMsombuluko icala lokukhwabanisa elibhekene nababeyizikhulu zikamasipala weTheku.
Ukuqulwa kwecala elithinta lowo owayeyiMeya kuMasipala weTheku uZandile Gumede nowayeyimenenja yedolobha uSipho Nzuza nabanye abangu-20 kuyaqhubeka.
Abasolwa babhekene namacala amaningi.
Kulamacala kubalwa ukushushumbisa imali, ukukhwabanisa, inkohlakalo nokwephula uMthetho Wokuphathwa Kwezimali Zomasipala kanye neMunicipal Systems Act athinta ithenda ka-R300 million ye-Durban Solid Waste (DSW).
Ukuqulwa kwecala kuzobuyela okwesibili kulo nyaka kanti kulindeleke ukuthi kuphothulwe ngenyanga ezayo.
Njengoba icala libuya kulindeleke ukuthi iJaji u-Sharmaine Balton akhiphe isinqumo sokuthi uMbuso ungayenza yini imibiko nezithasiselo kubameli bommangalelwa mayelana nokuqokwa ‘okungekho emthethweni’ kwe-Integrity Forensic Solutions CC (IFS).
Abezindaba basanqatshelwe ukudalula amagama ofakazi boMbuso ngezizathu zokuphepha.
