Kumbhedele enkantolo ohlaze uMkhwanazi
INkantolo eNkulu eThekwini iyalele usomabhizinisi odumile phakeme ukuba ahoxise akubhala ezinkundleni zokuxhumana ngesikhulu samaphoyisa KwaZulu-Natal.
UCalvin Mathibeli weCalvin And Family Group usanda kubhala ezinkundleni zokuxhumana waphinda wakhuluma nakuthelevishini ekhwela edilika kuLt-Gen Nhlanhla Mkhwanazi.
Namuhla, inkantolo ikhiphe isinqumo esivuna uLt-Gen Mkhwanazi ecaleni alivulele uMathibeli.
UMathibeli uyalelwe ukuba ahoxise konke akusho ngoMkhwanazi lapho emsola khona ngenkohlakalo, buigebengu, noma ukuthi usebenzisa kabi igunya lamaphoyisa futhi uhlela ukubulala okungekho emthethweni.
Inkantolo inqumele ugwayi katiki uMathibeli yathi acishe akubhalile engakapheli amahora awu-24 aphinde akuhoxose nakuthelevishini njengoba enza phambilini.
Kukho konke lokhu, uMathibeli uphinde wagixabezwa ngokuthi akhokhe izindleko zecala njengoba limlahlile.
