Izindaba

Isifike kwangqingetshe eyemizamo yokususa iSilo samaZulu

INkantolo Yomthethosisekelo isichithile isicelo sesinqumo sikaMntwana uMbonisi Zulu nabanye abantwana abangu-23 sokubuyekeza isiqubo ngesihlalo sobukhosi.


UMntwana uMbonisi nabanye ahlangene nabo bebefuna inkantolo ephakeme ibeke eceleni isinqumo sayo, lapho yaqinisekisa khona iNkosi uMisuzulu KaZwelithini njengendlalifa efanele yesihlalo sobukhosi samaZulu futhi yabekwa umqhele ngokusemthethweni.

Lesi sinqumo sibeka ngokjusobala ukuthi izimfuno zabo sezifike kwangqingetshe kwezomthetho.


Laba bakholelwa ekutheni lesi sihlalo sifanelwe uMntwana uSimakade, bachitha iSilo esibusayo uMisuzulu kaZwelithini.