Zibakhalele odokotela mbumbulu kwaMashu
AMAPHOYISA asebophe amadoda angodokotela mbombayi kwaMashu.
Lamadoda abehlezi ematasa edayisa izincwadi zokugula kwamantu kule ndawo.
Ngesikhathi amaphoyisa eqhuba uphenyo athole ukuthi labo dokotela mbumbulu besebewenze lomsebenzi wabo cishe iminyaka eyishumi bezitamuzela imali ebantwini.
NgoMsombuluko, amalungu e-SAPS Economic Infrastructure Task Team abe esehlela ugibe ukucupha laba basolwa.
Kutholakale ukuthi incwadi yokugula yosuku olulodwa ibiza u-R100 kanti uma kungeyezinzuku ezintathu ibiza u-R150.
Kutholakale amanothi amaningana kadokotela aphindaphindiwe endaweni ese-Ithala Shopping Centre.
Amagama abhalwe kumadokhumenti odokotela bangempela, okusolwa ukuthi balimale imali efinyelela ezigidini ngenxa yalo mkhonyovu.
La madoda aboshwe abhekene namacala okukhwabanisa nokukhwabanisa futhi kulindeleke ukuthi avele enkantolo maduze.

