Izindaba

UMancinza nezinsolo zikaR3 million kwabaxosha abokufika

UMHOLI weLabour And Civic Organisatio (LACO) usedalule izinsolo ezishaqisayo ngomhlangano wodumo obubanjwe uMengameli wezwe uCyril Ramaphosa, uPhakelumthakathi Ndabandaba noNgizwe Mchunu ngeledlule.

UMlungisi Inkinga Mancinza veze izinsolo zokuthi uNgizwe noPhakelumthakathi bathenjiswa isigaxa sika-R3 million.

” Kunezinsolo eziqinile okuthiwa zathi bazonikwa R1.5 million kuqala mase bethola omunye u-R1.5 million emuva kwesithangamu sabezindaba,” kusho uMancinza

Uqhube wathi uma kuwukuthi lezi zinsolo ziyiqiniso zokuthi bahlomula ngalemali ngabe lokho kusho ukuthi abalenzanga iqiniso ngoba lolu lwazi kwakufanele baludlulisele kubantu.

Selokhu kwaba alomhlangano sekuvele umdonsiswae wamazwi kubantu abanye beseka uhlangothi lukaNdabandaba abanye bemi ngasohlangothini lomholi weMarch and Mach uJacinta Ngobese-Zuma.

Kushaye isikhathi sokuloba uNdabandaba noNgizwe bengakaphawuli ngalezi zinsolo.