Izindaba

UCele wenze izinsolo ezinzima ngeMK Party

UDEDELE amakati esakeni owayenguNgqongqoshe wamaPhoyisa ngokuxhaswa kweqembu loMkhonto WeSizwe Party ngambize ngenkosi yamaZama Zama.

UBheki Cele ubethula ubufakazi bakhe okokuqala namuhla phambi kwekomidi lephalamende lesikhashana eliphenya ngezinsolo ezenziwa nguLiet General Nhlanhla Mlkhwanazi ngoJuly 6 nonyaka.

UCele uthe kunabantu ababili abaziwayo ngokuthi bangamakhosi amaZama Zama.

UCele usole ukuthi omunye walaba abe khuluma ngabo waxhasa umholi weMK Party ngesamba sika-R500 000.

Yize eveze lezi zinsolo uCele, uphinde wathi kuyenzeka ukuthi kwesinye isikhathi usondelane nomuntu kanti awuzazi izinhloso zakhe, wena ugcine ubone kamuva.