Izindaba

Bafuna ancishwe ibheyili ‘obulale iphoyisa lesifazane’

KULINDELEKE izinkumbi zabazoyobhikisha ziphikisa ukunikwa kwebheyili kwephoyisa elisolwa ngokubulala intandokazi yephoyisa uConstable Mbali Msomi (osesithombeni). eMpumalanga Township eHammarsdale.

NgoLwesihlanu, kubhekwe ngabomvu ukuthi umsolwa owayethandana naye umufi avele enkantolo yemantshi eHammarsdale.

Kukholakala ukuthi kwaba nengxabano phakathi kwalezi zithandani eyaba semzini kamsolwa kubanjwa izinsolo zokubhangqana.

Lokhu kwaphetha ngokuphuma kwesidumbu kwathi umsolwa waphinda wazidubula kwesingezansi.

Ukuvela kukamsolwa phambi kwenkantolo kuthiwa kuvuza iminjunju eyazwiwa umphakathi wakule ndawo ngoJune 16 kuzwakala izindaba zokudlula emhlabeni kukaConstable Msomi.

Lokhu kungenxa yokuthi ukhulele kuleli lokishi waphinda wawukhuthalela umphakathi aphinde ahambele nezikole ekhuthanza intsha.