Kuboshwe amakhehla agebenge abagibeli betekisi
ASEKHULUKUTHU amadoda amathathu ngecala lokuphanga imali kubagibeli betekisii ku-N8, Free State.
Umbiko wamaphoyisa uveze ukuthi laba basolwa baneminyaka engu-44, 58 no-80 babhekene nezinsolo zokuphoqa umshayeli wetekisi nabagibeli abangu-15 ukuba bakhokhe imali ewu-R2500.
Lesi sehlakalo senzeke ngoLwesine ngoJune 25 kulo nyaka ebusuku ngo-23.45 ngesikhathi iQuantum elalinabagibeli abawu-15 okuhlanganisa izingane nabadala lalisuka eBotshabelo liya eThekwini.
Kuthiwa abasolwa bamisa itekisi, badiliza bonke abagibeli bafuna imali.
Ngenxa yovalo nokwesabela ukuphepha kwabo, abagibeli bawuhlanganisa lo R2 500 ngenxa yokuthi umshayeli wakubeka kwacaca ukuthi akanawo.
Yaba ukuhlangana lemali yanikezwa abasolwa ngaphambi kokuba bavunyelwe baqhubeke nohambo.
Ngemuva kophenyo, amaphoyisa abophe abasolwa izolo.
Kulindeleke ukuthi bavele eNkantolo maduze

