Isihlabani somlingisi siphumela obala ngezinkinga nokugula
UMAKADEBONA womlingisi uNandi Nyembe usephumele obala waveza ukuthi uibhekene nezingqinamba zokungaphili nokungabi namali.
Lesi sihlabani esesike sadlala emidlallweni ephambili kuleli siveze ukuthi ngaphezu kwakho konke asinayo ne-medical aid ukubhekana nesimo sempilo nokwelashwa.
UNandi waziwa ngamagalelo akhe nangekhono lokulingisa elihlaba umxhwele elike labonakala emidlalweni yethelevishini okubalwa kuyo iZone 14, Yizo Yizo, neSoul City ukukha phezulu.
Imibiko iveza ukuthi lesi sihlabani esineminyaka engu-74 ubudala, osesihamba ngesihlalo esinamasondo ngenxa yezinkinga zamadolo, sibhekene nezinkinga zemali.
Ngaphezu komsebenzi wakhe omuhle nonomthelela kwezokungcebeleeka eNingizimu Afrika, uNandi ukubeke kwacaca ukuthi ufuna amathuba okusebenza njengoba ewantula.
Ekhuluma neZimoja uthe, “Angifuni abantu bangidabukele, ngisakwazi ukwenza izinto ngedwa, amadolo ami angasebenzi, kodwa ingqondo yami ibukhali, nginike umsebenzi!”
UNandi ugomunye wabalingisi asebephumele obala ngokuntula umsebenzi nangokungabi namali yize esebenze iminyaka kule mboni.N
geledlule, umlingisi weSkeem Saam Pebetsi Matlaila waveza ukuthi usehlala esikhungweni sabantula indawo yokuhlala kanye nezingane zakhe ezimbili.
Lokhu kungenxa yokungabi namali nokushoda komsebenzi.
