EzokokungcebelekaIzindaba

Injabulo uSgqemeza ebuyela emoyeni

ANGEKE aphele emehlweni nasezindlebeni zabalandeli bakhe uSipho “DJ Sgqemeza” Mbatha osanda kuxoshwa oKhozini FM.

Lesi silomo somsakazi sesiveze ukuthi sizokwethula ipodcast ebizwa ngeRedeem Media Productiobs yayo ngoLwesine oluzayo.

USgqemeza uthe uzogxila ekuvuseleleni ukuthemba uNkulunkulu kubantu, izindaba ezithinta uhulumeni namathipha kwezamabhizinisi.

“Engikuqaphelile ukuthi iningi lama podcast agxile kwezikaqedisuzungu kanti ngokwami kumele abuye asetshenziswe ekufundiseni nasekuqwashiseni abantu ngezinto eziningi.

” Ngesikhathi ngisakaza oKhozini kunezinto engangingakwazi ukuzikhuluma kepha manje ngiyajabula ngoba nginendawo yami lapho ngizobe ngithinta konke okusemqondweni wami. Ngizofaka nendaba yami yokuthi ngangiyisidakwa ngifika emsebenzi ngibugaxile kodwa ngenhlanhla ngahlengeka sengikhethe iNkosi,” kusho uSgqemeza.

Njengoba engasasakazi usevamise ukubonakala ehambela imicimbi yeminyango ikakhulukazi oweZolimo lapho ephatha khona izinhlelo.

USgemeza uchithwe nabanye abaningi ngesikhathi kuqala unyaka omusha ka 2026 kwa-SABC.

Wafika kulo msakazo njengomfundi wezindaba wahamba eseshayela uhlelo olunabalandeli abaningi iVuka Breakfast Show abelushayela noMroza Buthelezi.

Njengamanje ungumfundisi webandla lakhe iChristian Fellowship Centre Church elizinze eManguzi eNorthern