Ibhekene nezinkinga i-X ka-Elon Musk
IGQEMEKE olungeqiwa ntwala inkundla yokuxhumana yenkinsela i-X (ebiyaziwa ngelikaTwitter phambilii).
I-X ka-Elon Musk, ibheneke nenkinga yezikhalo zabantu abathi akungeneki kuma-akhawunti abo akungeneki kuya.
Ngesikhathi sokuloba emini kubikwe ukuthi lobu buhixihixi kuqale ukubonakala ngabo-1: 30 amini.
Izikhalo beziqhamuka emazweni ahlukene okubalwa kuwona ase-Europe, i-Afrika namanye.
Nakuba ingakaziwa inkinga edala lobu buhixihixi kodwa kjukholakala ukuthi izosumbululeka kungekudala.
Uma umuntu ezama ukungena ku-X kulokhu kuvela umlayezo othi ” kukhona okungahambi kahle”.
