Ezokokungcebeleka

Ajezisiwe amabhoklolo akuBig Brother Mzansi

ASIDE ngokulambisa amabhoklolo ekukhishweni ohlelweni iBig Brother Mzansi Bazozwa esakazwa kuChannel 198.

UThandeka Tshabalala noRamona basindele ukuthi banikwe izijeziso ezinzima kulolu hlelo kulandela isigameko sabo sokuhlasela nokucwasa owesifazane owashintsha ubulili.

Laba bobabili bashaywe ngoswazi oluncane oluhambisana nesexwayiso kuvela kuBig Brother.

Abanye abazithole bengena kulonoxhaka uLiema noTrixie. Bona banikwe izekwayiso kwathi esikaTrixie samnika umlamulajuqu wokuthi eke waphinda wasabisa ngokugwaza uzokhala ngaphandle.

YIze uBig Brother ethathe lesi sinyathelo kodwa kusenesikhalo kwabakjulolu hlelo lokuthi uBig Brother ibhoklolo elihlalise kabi abanye alijeziswa ngendlela egculisayo kunalokho isijezo sihlanganiswa nesabanye.

Lolu hlelo lusesontweni lesine kanti libangantu abawu-17 ababanga umncintiswano kaR2 million.