Isililo kubulawa ngesihluku intandokazi yephoyisa
SIQHUMA nxazonke isililo ngenxa yokubulawa kwephoyisa lesifazane ebelaziwa ngokulwa eyokuhlukunyezwa kwabantu.
UConstable Mbali Msomi (osesithombeni) obesebenza esiteshini samaphoyisa ubengelinye lamaphoyisa abeyintandokazi emphakathini waseMpumalanga Towship ngenxa yothando nokunakekela kwakhe umphakathi abewusebenzela.
Ubaziwa ngokuqwashisa ngokuhlukunzezwa kwabantu ikakhulukazi ebudlelwaneni nokushumayela ivangeli lobunye emphakathini
Izindaba zokushona kwakhe ngesandla okusolwa ukuthi ngeselinye iphoyisa abethandana nalo ngoLwesibili, zishaqishe abaningi.
Ukushona kwakhe kuqinisekiswe umbiko wamaphoyisa oveze ukuthi umsolwa ulele esibhedlela ngemuva kokuthola ukulimala kwesingezansi.
Imithombo iveza ukuthi uConstable Msomi nomsolwa banengane.
Iqhuba ithi isigameko sokushona kwakhe senzeke endlini kamsolwa.
Amaphoyisa asaphenya kanti akukaboshwa muntu.

