Ezemidlalo

IFifa ichitha ivuvuzela kweyeNdebe Yomhlaba

INHLANGANO yebhola emhlabeni iFIFA inqume ukuthi ivuvuzela ngeke ivunyelwe ngaphakathi ezinkundleni zemidlalo eNdebeni Yomhlaba eqala ngoLwesine oluzayo e-United States of America (USA).

Lezi zimpndo ezaduma kakhulu emhlabeni jikelele ngesikhathi iNingizimu Afrika ibambe iNdebe YoMhlaba ngo-2010 zichithiwe ngenxa yomsido wazo kule ndebe ezobanjelwa e-USA, eMexico naseCanada.

Abalandeli abanethemba lokuletha umoya wobumandi ofana nebhola laseNingizimu Afrika emidlalweni yeNdebe Yomhlaba kuzodingeka bashiye ama-vuvuzela abo ekhaya ngemuva kokuba i-FIFA ivimbele izinsimbi ngaphansi komthetho wayo wokuziphatha enkundleni.

Ngokwemithetho ye-FIFA, ama-vuvuzela, amakhwela, izimpondo zomoya kanye nezinye izinto zokwenza umsindo omkhulu kakhulu ngeke zivunyelwe kunoma yiziphi izindawo ezingu-16 zomqhudelwano.

Isigungu esibusayo siphinde savimbela ama-laser pointers nanoma yiziphi izinsimbi ezikwazi ukukhipha imisebe ye-laser noma ama-projection afanayo.

Ikhodi ye-FIFA iqhubeka ithi ukupenda womzimba kanye nama-tattoo emzimbeni akuzona izingubo.

Ababukeli abavunyelwe ukugqama, ukuphazima noma ukususa izingubo ukuze baveze izingxenye zomzimba zangasese.

Amabhodlela amanzi angasetshenziswa kabusha nawo awavumelekile ezinkundleni zemidlalo, genxa yokuthi i-FIFA ibhekelela ezokuphepha.

Abalandeli abaphula imithetho basengozini yokwenqatshelwa ukungena noma ukuxoshwa endaweni.