Sekudutshulwe kwabulawa uDJ odumile
ISIGQEMEKE olungeqiwa ntwala imboni yezokungcebeleka ngokudutshulwa kubulawe uDJ wodumo.
U-Oscar Nyathi (28) odume kakhulu ngelika”Oscar Baxx” noyilungu le-Malumz on Decks udutshulwe wabulawa namuhla ntambama eBlue Valley Golf.
Lo mbiko odalulwe yiCrime in SA, uveze ukuthi u-Oscar Baxx ubekade ehamba ngemoto eyiToyoya nabanye abane.
Kuthiwa imoto yabo idutshulwe ngentululwane yezinhlamvu ngabasolwa ababili abebegibele ithuthuthu kwashona losaziwayo nomunye umgibeli.
Abanye ababili abebesemotweni balimale kabi futhi baphutjunyiswa esibhedlela.

