EzokokungcebelekaIzindaba

Isililo kudlula emhlabeni inkakha yomlingisi

ISIGQEMEKE olungeqiwa ntwala imboni yezokungcebeleka kudlula emhlabeni inkakha yomlingisi uSeputla Sebogodi.

Lesi sihlabani somlingisi esaduma kakhulu sidlala indawo kaKenneth Mashaba kwiGenerations, kubikwa ukuthi sishone izolo ngoLwesithathu ebusuku kulandela iukuxinwa yisifo esihlobene nesikashukela.

USebogodi (63) wagqama kakhulu kule mboni edlala emidlaleni ephambili kuleli okubalwa kuyona iGenerations, Bophelo ke Semphekgo, Redemption, The River nakamuva nje, iScandal!.

Imininingwane yamalungiselelo esikhumbuzo kanye nomngcwabo izokwaziswa ngesikhathi esifanele.

Umndeni kaSebogodi ucele ukuba unikwe ithuba njengoba usemazini.