EzokokungcebelekaUmgosi

Kukhalwa ngobunuku obunyanyisayo bukaThandeka

KUKHALWA ngobunuku obuxake usathane obugilwa ngomunye wabasohlelweni oluyintandokazi iBig Brother Mzansi Bazozwa kuchannel 198.

UThandela Tshabalala (31) waseThekwini owaziveza njengoseke wahlala e-Italy, ugila izimanga ngobunubu kulolu hlelo.


Kamuva uthanda ukugquma ngebhodwa okuphekwa kudliwe ukudla aphinde ageze ubuso asuke ebukalabha abugezele kusinki ekhishini nokuyinto enyanyise iningi lababukeli.


Kuthe kusabekezelelwe lokho, ngoMgqibelo ntambama egeza ubuso abeukalabha ngesaka elithambile, waphimisela amathe kube kukhona nezitsha ebezilinde ukugezwa kulowo sinki.


USmash Afrika umhlome umbuzo ngalesi senzo sakhe, uThandeka uphike wema ngentaba ukuthi kuwubunuku.


Uthe: ” Yinto eyenziwayo lena, abanye bageza ngisho izingane zabo emakhoshini abo.”


Lokhu kudine iningi lababukeli ezinkundleni zokuxhumana abakhala ngokuthi akaliboni iphutha nehlazo kulobu buxebe abugilayo.

UThandeka uphinda anukwe ngokungazwani ngendlu yengwenya njengoba enokuvama ukubonakala kuthelevishini ephinda kaningi izingubo zokugqoka nokuhlonzwa njengenkomba yokungagezi njalo.

Lokhu kuphinde kufakazelwe i-Artificial Intelligence (AI) iGrok otholakala ku-X, othi uThandeka sekukaningi evela ukuthi kubo bonke abadlali balolu hlelo lukaBig Brother unobuku obuxakile.