Kuzoduma ‘Izigi’ uPenny Ntuli engena ohlelweni lukamaskandi
ILOKHU ikhuphuke njalo iintandokazi yomsakazi uPenny Ntuli njengoba esekhonjwa ohlelweni lomculo kamakandi kwiJozi FM.
UPenny uveze lezi zindaba komzala bakhe kuFacebook ngemuva kokumenyezelwa kwezinguquko kulo msakazo ozinze eGoli.
Lo msakazi odume ngokuzithoba nangokwazisa abanye abantu, uphinde wakhumbuza abalandeli bakhe ukuthi sekuphele unyaka golokoqo angena kulo msakazo.
Kuzokhumbuleka ukuthi ukujoyina kwakhe iJozi FM kwaba yisibusiso esavela ngokuthi isizwe sihlangane sibabaze umhlola ngokushiya kwakhe kwiGagasi FM.
Kulapho kwavela khona nemali ayeyihola nayiqiniseka khona ezinkundleni zokuxhumana ukuthi kwakungu-R2,800.
Ukwaziwa kwakhe ngokukhuthala nokuthanda umsebenzi kwenza kwalula ukuthi igama lakhe libe sohlwini ezihloko esazisematheni ezweni lonkana.
Kungenxa yokuthi abantu abaningi babemfisela okungcono.
Akuphelanga sikhathi waveza ukuthi useyosakaza kwiJozi FM.
Kulesi simemezelo sakhe, uthe ukungena ohlelweni lomculo kamaskandi ngezinye zezinselele ezimkhulisayo nazijabulelayo.
Ekwethuleni lolu hlelo lomculo kamaskandi “Izigi”, uPenny uzobe ebambisene nozakwabo uMasikane kanti luqala ngo-8 kuze kushaye u-11 ekuseni.
