Ezokokungcebeleka

Umculi waseNewcastle ugadla ngengcwenga yomculo

UTHANDO lomculo uthi lumlandele eseyingane uTebokgo Makau waseNewcastle, kwaZulu-Natal, njengoba ethi waya eGoli ukuyofuna umsebenzi kodwa wagcina eqhubeke nomculo.

Uthe wayebizelwe inhlolokhono yokuqashelwa ukusebenza eVolkrust kodwa uma esechaza ngempilo yakhe nothando lomculo, imenenja yakhe uNico yamnxusa ukuthi agxile ephusheni lakhe lomculo weHip hop.

“Mina ngangibheke ukuyoqashwa kodwa ngathola okungaphezu kokuqashwa. Imenenja yami uNico eyathi uma ilalela ngikhuluma ngemuva lami nomculo, yathatha isinqumo sokuthi ingilekelele ngiqhubeke nomculo. Ngesikhathi ngiseGoli ngiqale ngahlangana noLukay Mfanakagogo owaba wumngani wami omkhulu.

” ULukay wangihlanganisa neqembu lomculo iLA FAM yaseDiepsloot. Ngisebenze naleli qembu kusuka ngo-2016 kuya ku-2018. Nginalo sakhipha amanoni ezingoma enye yazo okungethi: Mama, Forget Who Forget You sagcina sikhiphe ne-EP iTest,” usho kanje.

Uthe emva kokuhlukana naleli qembu kuphoqeleke ukuthi abuyele ekhaya ngo-2020 ngesikhathi izwe liphazanyiswa yiCovid-19.

Ngesikhathi esebuyele ekhaya uthe ngokubuka isimo esasenzeka wagcina egqugquzeleka wakhipha iVideo yeculo elithi: Secrets ayepike kulona u-Angiee The Celeb.

Ngo-2024 uthe ubuyele eGoli waphinde waxhumana noNico okunguyena obemgqugquzela ukuthi akaqhubeke nomculo.

Esesebenza noNico ophinde waqhubeka ukuba yiMenenja yakhe, uthe kuningi abakwenzile njengoba egcine esungule umcimbi wakhe azowenzela ngakubo i-40 Days Bush Bash 034, ogxile emculweni weHip hop  ngoNovember 29.

Uthe into ayifundile ukuthi ukubekezela kuthela izithelo uma uyazi into oyifunayo