EzokokungcebelekaIzindaba

Belicokeme izinga kwethulwa owokweseka amaciko akhubazekile

NGEMUVA kwesikhathi eside bezitshwa kwezokungcebeleka njengoba bekhubazekile, uSibonelo Mlita uqhamuke nohlelo olusha aluthule ngesitayela ngesikhathi kugujwa uSuku lweNtsha kwi-This Ability Arts Festival ebiseBat Centre, eThekwini.

Esebenzisa inhlangano yakhe engenzi nzuzo iCheerful Times uMlita uhlanganise abaculi abakhubazekile nabangakhubazekile kulo mcimbi othakaselwe kakhulu ngabebewuhambele.

UMlita ongowaseHibberdene ogwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natal, uthe lo mcimbi bawenzela ukunikeza abaculi abakhubazekile inkundla abahlale bencishwa yona ukubonakalisa ngokuphelele amakhono abo.

“Sekunesikhathi eside amaciko akhubazekile edonsa kanzima ukuze athole amathuba okukhombisa amakhono awo, noma sinikwa ithuba asihlale siphathwa ngokulingana noma sinikwa isikhathi esifana nesabanye abaculi.

” Esikuqale namuhla kuseyisiqalo nje, sinethemba lokuthi lo mcimbi uzoba minyaka yonke,” kusho uMlita naye onandisile ngephimbo lakhe nesiginci.

Yize le ndawo ibingagcwele kodwa kodwa injabulo ibiphuphuma nomsindo ubusho phezulu kule ndawo eseduze nomtateni.

Iningi lamaciko lizwakalise ukubonga ngokunikwa inkundla lathi lizizwe lihlonipheka kakhulu.

Phakathi kwabebenandisa nabashaye into ecokeme uNkosi Cibane obehambisana nentokazi enezwi elimtoti eveze ukuthi inekhono lokudlala umakhweyana, Pinky The First Lady, Thandi Gcwensa, Siphosethu Ndlovu, Lumka Fabulous noThuthuka Zuma nabanye.

Kulo mcimbi kugqame nethalente lesihlabani esincane somculo we-Afro R&B, uSiibu, ongene washukumisa inkundla nebhendi yakhe.

Kuvele ukuthi uSiibu ubuye abe umsakazi kwiNanda FM kanti uyindodakazi kaMapule Indlovukazi wenkampani iStone Face obengomunye wabahleli.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *