Ezimnandi owaduma kuKhozi FM ebuyela ekufundiseni
OKUHLE nomusa kulokhu kumlandele obengumsakazi woKhozi FM nokho osanda kuxoshwa.
ULucky Nkosi osanda kuchithwa njengemanzi yilesi sikhondlakhondla somsakazo, uthe nje ebuyela ekufundiseni waziithola elomula ngosamba sikaR2,8 million.
UNkosi, ubesesakaze iminyaka engu-22Â kodwa waxoshwa ngesikhathi sezinguquko ngo-April.
Ukungabuyeli kwakhe emsakazweni kwashiya iningi labalaleli likhexile futhi lidumele nngenxa yokuhlonishwa kwekhono lakhe lookusakaza.
Ekhuluma ne-Isolezwe, uNkosi uveze ukuthi usebuyele ekufundiseni nokuyinto ayiqeqeshelwe.
Lokhu kuza ngemuva kokuwina icala lenkantolo ebelilokhu liqhubeka isikhathi eside elihlobene nezinsolo ezishaqisayo ezenziwe ngaye ngo-2019.
“Kwaqala ngamahlebezi okuthi izigebengu zazifuna ukungibulala,” esho.Â
“Lawo mahlebezi asakazekela endaweni yami yokusebenza, futhi ngokuzumayo ozakwabo bathi babengesaba.”
UNkosi uthe izinto zasakazeka ngokushesha, kwavela izinsolo zokuhlukumeza ngokocansi okuyinto athi kwakuyizinsolo zokuzama ukuqeda ngaye.
“Babefuna ngihambe. Kwakuyitulo nje,” kusho uNkosi.
Leli cala liqhubeke isikhathi kwse kwathi ngeyanga edlule ngoMarch31Â inkantolo yakhipha isinqumo.
Kulapho eyalelwe ukuba abuyele emsebenzini eMarianpark Primary eMarianhill, lapho ayenguthishanhloko khona
Inkantolo iphinne tanquma ukuthi akhokhelwe imiholo yakhe negcine ifinyelela ku-R2.8 million ngenxa yemali engenayo elahlekile.Â
“Konke lokhu kufakazela ukuthi ngangimsulwa,” esho.
Abalandeli bangalindela ukumbona edlala emcimbini womculo wamakwaya weGauteng Meets KZN ngo-October 2.

