Kuphume isidumbu kubangwa intombi emqashweni
IDUTSHULWE yashona indoda eshiye isinqandamathe esikhulelwe endlini yahamba iyolwisa intombi eseyahlukana nayo kudala ehlala emqashweni eBlackburn eThekwini namuhla ngoMgqibelo ekuseni.
Umbiko wabaqaphi iReaction Unit South Africa (Rusa) uthi umlisa lo uthe ufike emqashweni wentombi ngabo 5 ekuseni wangqongqoza ngesankahlu.
Owesifazane uvulile kanti isoka lakhe lamanje lona liziqhubekele nokulala embhedeni nokwenze umufi alitshele ukuthi vele akezile kulona.
Umufi uqhubeke nesankahlu efuna konke ake akuthengela intombi besajola.
Intombi iphendule ngokuthi akukho okwasala.
Kuthiwa kuthe kusenjalo umufi wakhipha ummese i-okapi wazama ukugwaza isoka ebelilele.
Isoka elisha litshele abakwaRusa ukuthi ngenxa yokwesabela impilo yalo libe selithatha isibhamu esinelayisensi ngaphansi komcamelo ladubula kaye lizivikela.
Le ndoda ebizofuna izinto zayo ishonele ngaphandle komqasho.
URusa uthe kutholakale ummese we-Okapi nebhokisi lekhatriji elisetshenzisiwe.
Kulapho kuvele khona ukuthi umufi uyaziwa endaweni nokuthi ushiye intombi ekhulelwe endlini njengoba ebezobhozomela intombi asahlukana nayo.
Udaba selusezandleni zamaphoyisa.

