Kusolwa ingcindezi kwesula imeya yakwaDukuza esikhundleni
SEBESHIYE phansi amaketanga besula ezikhundleni zabo oyiMeya yaKwaDukuza kanye nesekela-meya.
IMeya kaMasipala waKwaDukuza, u-Ali Ngidi kanye nesekela-meya, uMnuz Sicelinjabulo Cele, basule ntambama ngenxa yengcindezi ye-African National Congress (ANC).
Lesi sinqumo simenyezelwe esithangamini saKwaDukuza kulandela umhlangano wethimba eliphezulu lobuholi obuphezulu besifundazwe obuholwa nguMdidiyeli wethimba le-ANC esifundazweni, uMnuz Michael Mabuyakhulu.
Bobabili sebezihambisile izincwadi zokwesula kodwa bazoqhubeka nokusebenza kuze kube kukhethwa ubuholi obusha.
“I-ANC izibophezele ekwakheni kabusha nokuvuselela kabusha. Sithe sizosebenzela abantu bakithi futhi izinqumo zethu azisaziswa lutho ngaphandle kwezithakazelo zabantu bakithi,” kusho uMabuyakhulu.
