Bathe cwaka ngezinsolo zokulala nokudayisa izikhala zothisha
ISIKHULU soMnyango wezeMfundo esisanda kuba sehlazweni lokunekwa sisolwe ngunkosikazi waso njengomuntu olala aphinde athengise ngezikhala zothisha sesiphawulile.
UMuzi Mahlangu nonkosikazi wakhe uMatu bakhiphe isitatimende kuFacebook bethi bayayazi ividiyo futhi bayazisola kakhulu ngokwenzeka kuyona.
Laba bashadikazi baveze ukuthi yaqoshwa eminyakeni emine edlule bethukutehlelene.
Isitatimende sabo asisho lutho ngezinsolo ezibucayi ezenziwe uMatu ezvele engxabanweni yalaba bakwaMahlambi lapho esole umyeni wakhe zokulala nangokuthengisa izikhala zothisha.
Ezinye izisolo uMatu azenzile ngezokwenza uMahlambi ubuye enze ama-vidiyo ezitika ngocansi nalabo abafuna izikhala zomsebenzi.
Kwenzeka lokhu nje uMahlanbi usanda kukhushulelwa esikhundleni sokuba wuMqondisi Omkhulu Osabambile kwi -admninistrative services.

