USweet Guluva ufuna kwenziwe ulibofuzo
UMNQOBI weBig Brother Mzansi ufisa kwenziwe ulibofuzo ukuze kuhlale iqiniso obala.
USweet Guluva uphefumule ngezinsolo zokuthi unguyise wendodaa ezalwe ngowayeyisinqandamathe sakhe u-Ashley Ogle.
Kulezi zinsuku u-Ashley usabalalise izithombe zendodana yakhe uKenzo Lu ezinkundleni zokuxhumana.
Yize abaningi bemjabulele ngokuba nendodana kodwa kube nemibuzo yokuthi ngubani uyise.
Ngenxa yokwaziwa kobudlelwano babo obaqala ngesikhathi besohlelweni kwiBig Brother Mzansi, iminwe ibe isikhomba uSweet Guluva.
Kube sekuqubuka izinsolo zokuthi uSweet Guluva uqhelile endodaneni okukholakala ukuthi ngeyakhe.
USweet Guluva ukhiphe isitatimende nokuyilapho echithe khona lezi zinsolo.
Ngokusho kwesitatimende, ubelokhu ecela ukuhlangana nengane futhi uzimisele ukuhlawula okwenza ulibofuzo.
“Sekunesikhathi umndeni wami uzama ucela imvume yokuhlanganiswa nengane ukuze kwenziwe izimfanelo ngokosiko kodwa asikaze siyithole imvume,” kusho isitatimende.
Ithimba lakhe lezomthetho selingenelele ukuxazulula lolu daba ngasese.
Isitatimende siveze ukuthi uSweet Guluva uyindoda eneqiniso nengasoze yabaleka kanti lolu daba lusezandleni zomthetho.
