EzokokungcebelekaIzindaba

Uxolise ngengoma owahlasela umshado kaMalema

USAZIWAYO wezindaba zomgosi ulahlwe yicala waphoqwa ukuba axolise kusopolitiki ohlonishwayo.

UMusa Khawula owaziwa ngeleGossip Girl, ulahlwe yicala eNkantolo eNkulu eGauteng ngenxa yokubhala amanga nokungcolisa igama lomholi we-EFF uJulius Malema nonkosikazi wakhe uMantoa Matlala.

Leli cala limlahle uMusa waphinda wabhekana nezindleko zecala.

Ngaphezu kwaloko unxuswe ukuba axolise ngokuzisola ezinkundleni zokuxhumana futhi angaphinde ababhale kabi abakwaMalema.

Mayenala nokuxolisa uMusa uvele wafaka ingoma emfushane kaBeyonce ethi Sorry maqede wabhala igama likaMalema.

UMusa uzithole kulolu bushi nje kungenxa yokusabalalisa ukuthi abakwaMalema bayehlukanisa umshado wabo.