ULiema Pantsi uzohlonipha iqhawe lomculi kowamaMetro FM
BAPHUPHUMA injabulo abalandeli bomnqobi weBig Brother Mzansi 6 Bazozwa kulandela izindaba zokuthi uzohlonipha isihlabani somculi esingasekho emhlabeni emcimbini ophambili kuleli.
ULiema Pantsi (osesithombeni) waseQonce, uveze izindaba zokuthi uzohlonipha uLebo Mathosa emcimbini wezindondo zamaMetro FM Music Awards e- Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre ngoMgqibelo.
Lezi zindaba ezijabulise abaningi uziveze ngesikhathi ekhuluma kwiKeith Ngesi Radio namuhla ngoMsombuluko.
Ukuhlonipha kwakhe uLebo Mathosa kusho lukhulu ngenxa yamagalelo akhe kusukela ekwiBoom Shaka nangesikhathi esecula ngayedwana.
ULiema usezakhele igama ngezwi lakhe legolide eliqale ukugqama engenele umcintiswano wama-Idols South Africa eminyakeni edlule.
Ingoma yakhe eyicula noCici ethi Impumelelo nethi Let Me Be zathakaselwa kakhulu ngabathandi bomculo.Â
Kulo mcimbi, uLiema uzoswenkiswa yisilomo sikasaziwayo uSomizi Mhlongo ozifelayo ngoLiema nomeseke kakhulu ngesikhathi ekwiBig Brother Mzansi.

