Igqemeke olungeqiwa ntwala iNFP enkantolo
INKANTOLO ePhakeme eMgungundlovu isikhiphe isinqumo ngodaba lokuxoshwa kukaMbali Shinga we-National Freedom Party (NFP).
Esinqumweni esikhishwe namuhla, inkantolo iyalele iNFP ukuthi ayithi ukuma kancane ukumxosha kuze kuphothulwe ukulalelwa kodaba enkantolo.
Lesi sicelo esiphuthumayo besifakwe uShinga kulandela ukuthi iNFP ibizama ukumxosha eqenjini nokumsusa njengelungu lePhalamende kanye nelungu lePhalamende kwi-KwaZulu-Natal GPU.
Izikhundla zikaShinga esishayamthetho nakuhulumeni wesifundazwe azinamuntu.
Lesi sinqumo sizovimba uMengameli we-NFP u-Ivan Barnes ekutheni afungiswe esishayamthetho saseKZN ukuze athathe indawo yakhe. Basola ukuthi angase afunge ngesonto elizayo.

