Inkantolo iyalele ukuthi kuboshwe uNgizwe
INKANTOLO ePhakeme eGauteng isikhiphe incwadi yokuthi kuboshwe isilomo esake saba ngumsakazi woKhozi FM.
Lokhu kulandela ukuthi ithole ukuthi uNgizwe Mchunu unecala lokudelela ngokungalandeli imithetho ngokushicilela kabusha izitatimende ezihlambalazayo ngoMay 20 no-21.
Lokhu kuhlanganisa nezinsolo zokuthi uMalema wathatha u-R60 million kubathengisi bezidakamizwa baseNigeria kanye nokuhlambalaza okufana ‘nenyoka efile’ noma ‘inja.’
Le ncwadi iyalela ukuthi uMchunu kuzofanela ukuthi agqunywe ejele izinsuku eziyishumi .
Nakuba kunjalo kodwa angakugwema lokhu ngokuthumela isixoliso esingenamibandela ezinkundleni zakhe zokuxhumana, asifake ohlelweni lwenkantolo, asihlanganyele nabezindaba, akhokhe izindleko zikaMalema, futhi angathi vu ngoMalema izinyanga eziyisithupha.
UMchunu ukhiphe isixoliso esibhaliwe kuMalema ngoLwesine ehoxisa lezi zinsolo, yize isinqumo sokudelela sasihlose ukwephulwa kwakhe kwangaphambilini.

