Lizame ukuzibulala iphoyisa ‘elibulale’ intombi nayo eyiphoyisa
IPHOYISA lezobunhloli elisolwa ngokudubula libulale elinye ebelithandana nalo kukholakala ukuthi lazidubula ngesibhamu.
Lokhu kuqinisekiswe amaphoyisa aphenya ngesigameko sokudutshulwa kubulawe uSeargent Mbali Msomi (osesithombeni) oshone ngoSuku lweNtsha e-Unit 1 South eMpumalanga Township eHammarsdale, nokusolwa obeyisoka lakhe ngakho.
Okhulumela amaphoyisa uColonel Robert Netshiunda uthe : ” Kuvulwe icala lokubulala ngemuva kwesigameko lapho kuthiwa iphoyisa elalingekho emsebenzini ladutshulwa labulawa.”
Uqhube wathi kusolwa obeyisoka naye oyiphoyisa, uSergeant kwiCrime Intelligence. obhekene naleli cala lokubulala nokumanje welashwa ukulimala kwesingezansi nokukholakala ukuthi kwagilwa wuyena uqobo.
Uveze ukuthi umsolwa usasesibhedlela futhi uqashwe ngamaphoyisa ngemuva kokuzidubula ngesibhamu.
Uphenyo lusaveze ukuthi kunezinsolo zokuthi laba bobabili baba nengxabano ngaphambi kokuba kwenzeke lesi sigameko.
Nakuba imbangela yangempela yokudubula ingaziwa okwamanje, udlame oluhlobene nobudlova basekhaya alunakugwenywa.
Umufi wayesekhefini ngesikhathi ehlelwa yilomuga.
Namuhla kubanjwe inkonzo yesikhumbuzo ehholo lomphakathi ngakwaMagaba khona eMpumalanga Township nokuyilapho ebehlala khona umufi.

