Sikhala ngabasizondela ize isikhulu soweTheku
NGEMUVA kokuba sezindabeni kukaMasipala weTheku ngezindaba zenkohlakalo nokungahlinzekwa kwabahlali ngezidingo, imenenja yedolobha uMusa Mbhele ubizelwe esitikini ukuzoziphendula kwabamgxekayo.
UMbhele ubizelwe emhlanganweni wekhethelo eHillcrest ngoLwesine ebusuku obuhlelwe iXubera Institute for Research Development kaXolani Dube ongumhlaziyi onohlonze wepolitiki.
Inkundla ivulelwe amahlinzeki bezidingo iSolbeth Protection Services esijahane isikhathi eside nomasipala ngethenda ka-R230 million nabe-Integrity Forensic Solutions ephenya inkohlakalo ngethenda lika-R320 lwe-Durban Solid Waste (DSW).
USiyabonga Xulu ugxeke uMbhele ngokunqwaha nokubakhokhela imali yize bethi bawenza umsebenzi ngesikhathi kusaphethe imeneja yakudala uSipho Nzuza.
ULeo Saunders we-IFS yena ukhale ngokuthi basatshiswa ngokuphenya izinsolo ezibhekiswe kowayengumeya uZandile Gumede nabanye abasolwa.
Basole uMbhele ngokuba nesandla ekutheni emacaleni abawafakela umasipala bakhala ngaphansi.
Esethola ithuba lokuziphendulela uMbhele ukhwele wadilika kwabamgxekayo.
“Njengoba ngibhecwa kangaka kungani ngingaboshiwe. Isono sami ukuthi nganqaba ukusayina Izinto eziphambene nomthetho.
“Nginxusa uma kunomuntu obona ngenza inkohlakalo agijime ayongibophisa. Ngakhetha ukungena kulo msebenzi ngoba ngifuna ukuwenza ngobuqotho ngishintshe nezimpilo zezakhamizi zabantu,” kusho uMbhele.
Ubuye waphawula ngezinsolo zokuthi uqasha abesifazane uma eseqede ukulala nabo.
“Uyazi into ebuhlungu ukuthi njalo uma ngiphuma ekhaya ngigqoke kahle umkami uvele angibuze ukuthi sengiyobaqeda manje,” usho kanje kwahlekwa.
Kulo mhlangano bekukhona abamaqembu ahlukane okubonakale uPhil Sithole osekwi-MK Party noPhilani Mavundla we-ABC kanti uMbhele ufike ehlome nogalagala lwesazi somthetho uMalusi Mhlongo ochazele izihambeli ukuthi asekusiphi isigaba amacala umasipala ovulelwe wona osomathenda.

