Izindaba

Uboshiwe obulale isoka ngesagila bebanga umjolo

SEKUBOSHWE owesifazane obulale isoka lakhe eliyiphoyisa bebanga umjolo.

Ngokombiko wamaphoyisa umufi (50) nentombi yakhe engumsolwa kuleli cala (37) bebeziphuza utshwala ngesikhathi kusuka ingxabano.


Umufi ubefuna ukuyohla kwenye indlu ekhona la bebephuzela khona. Lokho kucasule umboshwa omsole ngokuthi yingoba kunenye intombi.


Ingxabano yomlomo ishintshe ngesikhathi umsolwa esemethuka umufi, kwalandela ukuthi aphisela isagila ekhanda likamufi kaningi nogcine eshonile.


Umsolwa uzinikele emaphoyiseni kodwa wafihla isikhali. Ubhekene necala lokubulala nelokufihla ubufakazi.


Lesi sigameko senzeke eSlastsha, eKhwenxurha ngeSonto ebusuku..

Amaphoyisa afice umufi elele ngomhlane enamanxeba amabili ekhanda ngaphambili nangemuva nemihuzuko engalweni yangakwesokudla.