EzokokungcebelekaIzindaba

UPhuzekhemisi nombono wokugcina okwesintu

INKAKHA yomculi kamaskandi uZibokwakhe Mnyandu isungule iPhuzekhemisi Legacy Foundation ngenhloso yokugcina umlando womculo wesintu.

Uyethule ngokusemthethweni e-KZN Museum eMgungundlovu ngoLwesithathu lapho ememezele khona ukuthi uhlele iSibashaya Ngengoma Mkhaya eMzimkhulu izoba ngoMgqibelo ozayo yelanywe ngenye ezoba seNewcastle ngo-October 3.

Usihlalo weFoundation uBonga Kheswa uthe phakathi kwezinto abazozenza ukuvundulula ithalente kubaculi abasafufusa bese bebaxhuma kubantu abamnkantshubomvu.

UPhuzekhemisi umeme izinhlaka zikahulumeni, izinkampani ezizimele nosomabhizinisi ukuba zisondele ukuze lo mzamo wakhe wokugcina igugu lesintu nomculo lingashabalali.

Umqondisi we-KZN Museum uMnuz Luthando Maphasa uveze ukuthi lukhona uxhaso abazoluchathaza ukuze abazonqoba emqhudelwaneni wengoma bagoduke nokuthile beyojabulisa imindeni emakhaya.

UPhuzekhemisi uthe kuzokhishwa ama-form okungenela kanti akukhokhwa mali ngokufuna ukuba ingxenye.UPhuzekhemisi nombono wokugcina okwesintu