Izindaba

Bazogugela ejele abebehlalise lubhojozi izikole zasePinetown

BAGWETSHWE iminyaka ewu-35 umuntu ngamunye abebehlalise lubhojozi izikole ezikake iPinetown, entshonalanga yeTheku.


INkantolo Yesifunda sasePinetown iphonse kwalasha uMthobisi Shozi (21), uBrian Tyrone Charles (25), uSbonelo Mkhulisi (24), noLebohang Magwaza (24). 

Laba balahlwe amacala angu-26 okubalwa kuwona ukuphanga kuhlonyiwe, ukuthumba othisha nabafundi, nokuhlasela izikole eziseNtshongweni, Molweni nasePinetown.

Ngaphambi kokugila imikhuba, laba bebezethula njengabantu abanesifiso sokuzonikela.   

Lapho sebevunyelwe ukungena esikoleni, basongela othisha ngezibhamu futhi babaphanga omakhalekhukhwini nama-laptop

Kwesinye isigameko kwaphangwa ngisho umfundi uqobo.

Lezi zehlakalo zabikwa emaphoyiseni, alandela imoto esetshenziswe ekuphangeni, okwaholela ekuboshweni kwabo.

Izinto eziningana ezebiwe ngesikhathi sokuphanga zatholakala kubo.