IBig Brother ixoshe oshaye uzakwabo
UXOSHIWE ohlelweni iBig Brother Mzansi Bazozwa owesifazane obhokle uzakwabo wesilisa.
UNeliswa Ngada (30), ukhonjwe afike ngayo kulolu hlelo kulandela isehlakalo sokuhlasela uzakwabo uQue.
Lesi sehlakalo esibe sematheni ezinkundleni zokuxhumana, senzeke ngemuva kwesigaba sokujuxuza esiba njalo ngoMgqibelo ebusuku kwiBig Brother Mzansi.
Lolu dlame oluhlasimulisayo lwenzeke ngemuva kokuthi uNeliswa obengangene nakancane engxabanweni ehlasele uQue.
Empeleni umsindo uqale ngemuva kokuthi uBravo B noTrixie abayizithandani besole uQue ngokugxambukela ezindabeni zabo zothando.
UQue ukuphikile lokhu wathi akahlangene nakho. Kube sekuxhantela uDidi ophonse amazwi anenhlamba ewaqondise kuQue.
Phakathi kwezinto ezishiwo uDidi ehlambalaza uQue, umbize ngomfanyana onobuntu obuncane, waphinda wambiza ngodoti.
Kulokhu uQue uphendule ngokumethuka wambiza ngegama elichaza umuntu wesifazane ongaziphethe kahle waphinda wathi “akumangazi ukuthi kungani owayeyisoka lakhe ayemhlukumeza”.
Konke lokhu kudale udlame njengoba uNeliswa ezwelane noDidi bahlasela uQue ngokumshaya elele embhedeni engaboni ukuthi uyashaywa.
UBig Brother ube esethatha isinqumo sokushaya ngoswazi oluqinile uDidi noQue kwathi uNeliswa wakhonjwa ebheke ekhaya.
