IChunu lifanise uMalema nenyoka efile
OWAZAKHELA ugazi engumsakazi woKhozi FM usebize umholi we-EFF ngenyoka efile.
UNgizwe Mchunu ubephawula njengoba umholi we-EFF Julius Malema emfake kubameli abanxuse ukuthi uMchunu ahlawule ngo-R1 million noma axolise ngezinsolo azenzile aziqondise kuMalema.
Izinsolo ezenziwe uMchuu zithi uMalema wemukela izindodla zika$60 million kwabahweba ngezidakamizwa abadabuka eNigeria.
Amaphepha abameli anqumele uMchunu ugwayi katiki.
Kunokuba alandele imiyalelo, uMchunu uphendule ngokusebenzisa ulimi oluqinile ngesikhathi ephendula.
Uthe uMalema uyefana “nenyoka efile engeke iphinde ivuke,”.
UMchunu wanezela ngokuthi uma uMalema emfuna, kufanele ahlangane naye edolobheni lakubo noma emihlanganweni yomphakathi esikhundleni senkantolo wathi uzomnika inkombandlela

