Kufunwa amadoda amabili aseLamont ngesigameko sokubulala
AMAPHOYISA aseLamontville acela umphakathi ukuthi usize ngomkhondo wamadoda amabili okukholakala ukuthi anolwazi ngesigameko sokubulala.
Ngokwesicelo samaphoyisa, uMelusi Ricardo Drummose noThabani Gasa bangabantu okungenzeka babe nolwazi olubalulekile ekuxazululeni icala lokubulala.
Womabili la madoda ayaziwa ukuthi ahlala eLamontville.
Kulesi sigameko esenzeke ngeSonto, kubulawa indoda eneminyaka engu-27 ubudala ekhoneni likaHull Drive noKhulu Street eLamontville
Kusolakala ukuthi umufi nabangani bakhe bebemi emgwaqeni ngesikhathi abasolwa beza kubo, umufi wadutshulwa washona.
Uma kukhona owaziyo ukuthi akuphi la madoda, uyacelwa ukuthi athinte umphenyi uDetective Constable Govender ku-0795000163, noma uCaptain Naidoo ku-0824116297.
