Izindaba

Kumbhedele umabhalane ‘odayise’ amawundlu ebhubesi

ZIMKHALELE umabhalane wamaphoyisa i-SAPS kulandela izinsolo zokuzama ukudayisa amawundlu amabhubesi.


 kanye nendoda eneminyaka engu-36 ubudala bamangalelwe ngokuzama ukuthengisa amathole engonyama.

UMokete Elizabeth Dikoko (51) osebenza kwi-SAPS yaseBothaville no-Elias Moloi (36), bavele eNkantolo yeMantshi yaseBothaville eFree State, besolwa ngokuphula uMthetho we-National Environmental Management Biodiversity Act. 


Laba bobabili baboshwe kanye nengane eneminyaka ewu-14 ubudala ngoLwesine lwango-April 2.

Abasolwa baboshwe ngamalungu oKlebe.

Okhulumela amaHawks esifundazweni, uLieutenant Colonel Zweli Mohobeleli, uthe abasolwa babezama ukuthengisa amawundlu ngo-R100,000 lilinye.

Amaphoyisa aqinisekile ukuthi lamawundlu abentshontshiwe.

“Amalungu Oklebe eWelkom aveze ukuthi alunywe indlebe ngabathile mayelana nabantu abadayisaamawudlu ebhubesi.”

“Amathole amane engonyama atholwe abuyiselwa kumnikazi osemthethweni eViljoenskroon, lapho ayebiwe khona,” kusho uLieutenant Colonel Mohobeleli.


UDikoko uzophinde abhekane nenqubo yangaphakathi yokuqondiswa kwezigwegwe yi-SAPS.

Udaba oluphathelene nengane encane ludluliselwe eMnyangweni Wezokuthuthukiswa Komphakathi.