Izindaba

Kuthungathwa onukubeze waphinda wabamba inkunzi umabhalane

UTHUTHUMELA umzimba owesifazane othi ubanjwe inkunzi waphinda wadlwengulwa.


Ngokusho kwenkampani yabaqaphi iReaction Unit South Africa (RUSA) bathi namuhla bahlenge owesifazane (55) owehlakalelwe yile nhlekelele eMalvern, Queensburgh.


Le nkampani icaphune lo wesifazane edalula ukuthi uphume emsebenzini la engumabhalane khona ethi uyofaka imali ebhange.

Ubeshayela imoto emgwaqeni ngesikhathi ethi ube esezwa umsindo obekungathi ithayi lemoto liqhumile.

” Umise imoto efuna ukubheka ukuthi kwenzakalani kanti kuzothi kusenjalo kuvele kuqhamuke indoda ebihamba ngezinyawo yamkhomba ngevolovolo yathi akangene emotweni,” kusho abeRusa.

Lo wesifazane uthe ube esephoqwa umsolwa ukuba ashayele imoto yaya endaweni echezile nokuyilapho emlimaze khona wamlala ngenkani.

Umsolwa uphinde wamphuca nemali wathi abaye kwaMashu.


Befika KwaMashu umsolwa ungene emotweni eyiVW Polo emhlophe washaya wachitha.