Izindaba

Kuxega amadolo kwabathumele izithombe benqunu kobezenza owesifazane

AKHALA ayazithulisa amadoda ayisishiyagalombili aKwaZulu-Natal athumele izithombe zawo enqunu kobezenza owesifazane.


Lamadoda azithole empintsheleka ekhoneni ngemuva kokuluthwa ngobezenza owesifazane ongaganile kuFacebook.


Ngokombiko weReaction Unit South Africa (RUSA), kulamadoda kukhona izifundiswa ezingodokotela, othisha, impunyela kasomabhizinisi nommeli uqobo.


Umbiko uqhuba uveza ukuthi umsolwa noma abasolwa baqala ngokuxhumana nezisulu nbgokuthumela izicelo zobungani kuFacebook.


Kuthe ngemuvakwengxoxo emfushane ingxoxo yedlulela ekutheni umsolwa acele inombolo kaWhatsApp.


Okulandele lapho kube wukuthi bathole imininingwane yezisulu kanye neyomsebenzi. 


Kulapho bethumele izisulu izithombe ezinhle nezicacile zowesifazane oshaya ngesudi yesele base becela ukuthi izisulu  nazo zithumele ezazo nazo zinqunu.

Umbiko weRUSA uveza ukuthi konakale lapho abasolwa sebephoqa befuna isigaxa semali ukuze zingadalulwa.

Kubikwa ukuthi iningi lalezi zisulu zikhokhe izidodla zemali zizama ukuvikela isithunzi, ngaphambi kokuthi zicele usizo kwabomthetho.