Kuyaphela ngesiteshi iShowmax
BAZOGQEMEKA oolungeqiwa ntwala abathandi bezinhlelo eziphambili zethelevishini kuvalwa thanqa iShowmax.
Lezi zindaba zivele ngemuva kokuthi iningi lababukeli abathekela izinhlelo kuShowmax bethole izincwadi ezibazisa ngalesi sinqumo.
IShowmax izakhele igama ngokuba nemibukiso yezinhlelo zeqophelo eliphezulu okubalwa kuyona imidlalo eyiziqephu, ama-documentary, namafilimu aphambili ikakhulukazi avutshelwe kuleli.
Ukuqedwa kweShowmax kuza ngemuva kokuthi isiteshi esiyengamele iMultichoice ithebngwe yinkampani yaseFrance iCanal+.
Nakuba kunovalo lokuthi lesi sinqumo singahle sifake itwetwe kubasebenzi kodwa iCanal+ isiqinisekise iukuthi abekho abazophelelwa ngamatoho abo.”
Ngeke kube khona ukulahleka kwemisebenzi okuhlobene nesinqumo esizothathwa ngokuma kweShowmax,” kusho abakwaCanal+,
Nakuba kumenyezelwe ukuvalwa kweShowmax kodwa usuku ezovalwa ngalo aliukavezwa ngabeCanal+.
