Usezoshaya ngefiga yomnyovu uJub Jub
KUZOPHELA ukutelebhela kuJub Jub osekhethe ukuhlizwa ukuze anciphe emzimbeni.
Lo methuli wohlelo lwakuMoja Love i-Uyajola 9/9 iveze lezi zindaba kwi-video.
UJub Jub uthe sekunesikhathi ezama ukwehlisa umzimba kodwa kungabi yimpumelelo.
Kungakho esethathe isinqumo sokuyohlinzwa wodokotela abaphezulu ukuze bamkhiphe umhlwehlwe okuyiwona odala umkhaba ongenasidingo.
Lokhu kuzomsiza ngokwehlisa isisindo somzimba ngokushesha.
Kwi-video ayifake ku-Instagram, uJub Jub uveze ukuthi usanda kuvakashela iHerrwood Medical Centre eyoqala ukulungiselela ukuhlinzwa kwakhe.
Uthe lesi sinqumo asibanga lula kodwa usenze ngemuva kokuzama ezinye izindlela eziningi nokugcine kucaca ukuthi i-liposuction iyona ezomsiza.
“Ngizame konke kusukela ku-Ozempic, imijovo nokunye okuningi nokuyinto ehlekisayo, uyazi,” kusho uJub Jub.
Ukuncipha komzimba kaJub Jub kuzomenza abuyelwe esimweni somzimba esamenza wagqama esagxile kakhulu emculweni nokuyilapho ashaya enye yezingoma ezingasoze zabuna ethi Ngikhokhele.
