Kuyishele indoda yaseMadadeni ebilala ngenkani indodana yayo
INDODA yaseMadadeni igwetshwe udilikajele ngokudlwengula indodana iminyaka.
INkantolo yesiFunda yaseMadadeni izwe ubufakazi obuhlasimulisa umzimba lapho uyise ebehlalise kanzima indodana yakhe encane eyidlwengula.
Isisulu besilinyazwa wuyise ekhaya noma sivakashile ezihlotsheni zikanina asilande.
Ithumba libhoboke ngesikhathi uthisha womfana eboa ushintsho endleleni abeseziphatha ngayo, wambuza kanti uzovele aveze konke ngokudlwengulwa wuyise.
Uthisha wabe esebikela uthishanhloko nomndeni wommangali. Ummangali uphuthunyiswe emtholampilo oseduze nalapho udokotela aqinisekisa ukuthi ulimele.
Udaba lwabikwa emaphoyiseni kwasekuboshwa le ndoda.
