EzokokungcebelekaIzindaba

Owaduma kuKhozi FM usezobangena kwiZwi LoMzansi

INKAKHA yomsakazi isizitholele ikhaya elisha lapho izo kwenza khona edume ngazo isakaza.

ULucky Nkosi owazakhela udumo emsakazweni uKhozi FM usejoyine intandokazi yomsakazo ezinze eThekwini Izwi LoMzansi.

Kulindeleke ukuthi uNkosi afike eqiqinge ulwazi nesipiliyoni okumike udumo ngesikhathi esebenza kuKhozi FM eminyakeni eminingi edlule.

KwiZwi LoMzansi, uNkosi uzoqala ukuzwakala kuloMgqibelo ngo-9 ebusuku ethula uhlelo azolumemezela yena isihloko salo.

Kuzokhumbuleka ukuthi Izwi LoMzansi libalwa neminye imisakazo ephambili ngenxa yokulalelwa yinqwaba ekhonze izindaba nolwazi oluthe thuthu nohlanganise abasakazi abamkatshubomcvu kule mboni.