Ezemidlalo

OwaMaZulu kwabagaqele eseBafana Bafana

KUVELA negama lomqeqeshi waMaZulu u-Arthur Zwane kwabagaqele isikhundla seBafana Bafana esizoshiywa uHugo Broos osezothatha umhlalaphansi.

UZwane, owake waqeqesha iKaizer Chiefs ngaphambilini, ushaye into ecokeme ngesizini edlule njengoba eqedise Usuthu endaweni yesine, okuchaza ukuthi luzodlala kwi-MTN8.

UZwane uma egcina ewuthola umsebenzi weqembu lesizwe uzobe engaqali ukusebenza kulelo zinga njengoba wake waba isekela likaMolefi Ntseki ngaphambi kokuthi uBroos athathe izintambo.

Sekubuye kwavela nokuthi oRulani Mokwena noBenni McCarthy—abaqeqeshi ababili abasekelwa kakhulu ngabalandeli beBafana Bafana—abakaze bazifake izincwadi zomsebenzi.

Igama likaPitso Mosimane, owake wayiqeqesha iBafana Bafana maphakathi kuka 2010 no 2012,

Ilona elisahamba phambili. Ngisho noNgqongqoshe wezemidlalo ezweni uGayton McKeinze usephumele obala wathi kumfanele uMosimane ukuthi anikwe izintambo ngenxa yamagalelo akhe emaqenjini ase-Afrika.