Owesibhakela nomkhankaso wokulwa nesihlava se-GBV
UPHROMOTHA omusha esibhakeleni uDkt Nompumelelo Nkosi-Ntombela uhlose ukufuqa umkhankaso we-GBV ehlasele kakhulu abesifazane.
Uthi lo myalezo uzowuthumela ngokuqhatha isibhakela athi sizobe siqhwiza umentshisi ngakubo eMandeni eSibusisiwe Hall ngoSeptember 5 kulo nyaka.
Ingakho impi enkulu yosuku yesicoco sase-KZN Featherweight uqhathe amabhokisa esifazane uNolwazi Mabaso waseMgungundlovu noMisiwe Ndlovu waseMandeni.
Bazodudulana imizuliswano eyishumi.
Empini ezokwandulela eyalezi zintokazi kulindeleke kushube ngesikhathi uKhanyisani Mbokazi waseMandeni noTholomusa “Mfundisi” Ngema waseMpangeni betholana phezulu kweye-junior lightweight imizuliswano engu-8.
Sekuneminyaka indawo yaseMandeni, edume ngokuba nezimboni ekuqashwa abantu khona njengakwaSithebe , yagcina ukuba nesibhakela sezinga eliphezulu njengoba bekuvamise ukwenziwa eyama-amesha.
UDkt Nkosi-Ntombela uthe. “Ngibone kumqoka ukuthi sifuqe umkhankaso wokulwa nesihlava se-GVB ngokuthi siqhathe lezi zimpi.
“Umyalezo uthumeleka kahle uma abantu bebuthene bezijabulisa ngokuthile. Ngibamema bonke abathandi bezemidlalo baphume ngobuningi ngoba bazobona into yamehlo.
“Ngibonga umasipala weLembe nabanye abaxhasi abafake isandla ukwenza lo mqhudelwano ube impumelelo.”

