Izindaba

Umastende ugqobhe amahhovisi eMK Party ngenxa yerenti

AMAHHOVISI eqembu uMkhonto weSizwe Party esifundazweni iKwaZulu-Natal akhiyiwe kulandela ukuthi leli qembu lehluleke lancama ukukhokha irenti.

Umbiko weSunday World uveze ukuthi umastende waleli hhovisi  elikuVictoria Marine Building ku-71 Margaret Mncadi Avenue eThekwini ufike ehlome ngenkunzimalanga yengidi namaketanga wakhiya.

Imithombo engaphakathi eqenjini eThekwini ipotshozele leli phephandaba ukuthi abasebenzi bayalelwe ukuba bapakishe izikhwama zabo bahambe.

“Kwakushaqisa ukubona abasebenzi beqembu bethatha izimpahla zabo bephumela phandle benyobozela njengoba babexoshwa.

Lokhu kuyasihlaza,” kusho umthombo okuleli qembu Kwazulu-Natal.

I-Sunday World ithumele imibuzo kusihlalo we-MK Party Kwazulu-Natal, uWillies Mchunu, kanye nonobhala-jikelele uSiboniso Nomvalo ukuze bachaze isimo sokuvalelwa kwamahhovisi, nokho abazange baphendule.

Okhulumela i-MK Party, uSifiso Mahlangu uthe: “Izindaba ezingamanga. Ngisehhovisi njengoba sikhuluma.”