URele ugadle kwiChiefs evaleliswa
UMDLALI omusha weNew Royale Union Saint-Gilloise uRelebohile Mofokeng ugcone iKaizer Chiefs ethi bazogcina bephefumula ngoba eseyishiyile i-Orlando Pirates.
Lesi sihlabani seBafana Bafana sisanda kujoyina leli qembu laseBelgium kanti lisadlala kuleli ladlala ama Soweto Derby amahlanu lapho lalihlale liyiphela endlebeni ezimbangini iChiefs. Kule midlalo uMofokeng washaya igoli elilodwa wase ekhanda amathathu.
Ekhuluma esidlweni sakhe sokumvalelisa kumenywe abakhethelo okungabazali bakhe nozakwabo kwiBafana Bafana u-Oswin Appollis, uPresident wama-2000, uthe “Angeke ngande ngamazwi kodwa engithanda ukunazisa khona ukuthi ngizofike ngikhiphe unyawo eBelgium ukuze niziqhenye ngami njengoba ngenzile ngikwiPirates.
“Futhi ngicabanga ukuthi iKaizer Chiefs izogcina iphefumula”.
Emuva kwalokho kuqhume uhleko kwashaywa ihlombe.

